Izwe iAustralia selibe ngelokuqala ukuvala ngokusemthethweni ukungena kwezingane ezinkundleni zokuxhumana.
Sekuqubuke inkulumompikiswano emhlabeni jikelele phakathi kwabazali abasincomayo lesinqumo kanye nezinkampani zezobuchwepheshe, zihambisana nezishoshovu zamalungelo okukhuluma ngokukhululeka, abakhala ngokuthi lesinqumo sicindezela ilungelo lezingane lokuzikhulumela ziphinde ziwakalise imibono yazo.
Namhlanje ohlelweni sibuza ukuthi kungabe kufanele yini izingane - ikakhulukazi ezineminyaka engaphansi kwa 16- ziqhubeke zivunyelwe ukuthi zibambe iqhaza ezinkundleni zokuxhumana eNingizimu Afrika?
Sixhumana nowungoti wezokukhuliswa kwezingane uKwanda Ndoda kanye noqhamuka kwinhlangano yezingane iNelson Mandela Children's Fund uSamke Mnguni.