Kubikwa ukuthi uyedwa umuntu olimele ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwamaphoyisa kanye namalungu eqembu loMkhonto Wesizwe abewotha ubomvu ngemva kokuthi isiphakamiso seqembu sokukhipha esikhundleni uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uThami Ntuli singabanga yimpumelelo.
Kuye kwaqubuka uthuthuva esishayamthetho eMgungundlovu ngesikhathi kwethulwa isimemezelo sokungaphumeleli kwalesisiphakamiso.
Silubheke kabanzi loludaba nomhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Mazwe Majola.