I-Action SA esifundazweni iKwaZulu-Natali ithi iyasamukela isinqumo se ePietermaritzburg High Court esivuna isicelo esifakwe i-DA sokuthi umkhwandlu-dolobha weTheku uhlulekile ukubhekana ngendlela nokuchitheka kwendle emabhishi nasemifuleni, nokubeka engcupheni izimpilo zabahlali abaphuza amanzi anegciwane E-COLI.
Noma kunjalo, i-Action SA ithi kuyabakhathaza ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sesicelo se-DA ekubeni kuyiyo eyahambisa lolu daba kuqala enkantolo. Bathi i-DA yahambisa isicelo esifanayo ngemuva kwezinyanga eziyisithupha beyile enkantolo.
Inkantolo inqume ukuthi iTheku liphule imithetho eyahlukene ephathelene nemvelo kanye namanzi. Kanti iphinde yanikeza leli dolobha isikhathi esingangenyanga sokuba lishicelele imniningwano mayelana nokuhlolwa kwamanzi ezinkundleni zokuxhumana kanye nakuma website edolobha.
Sixoxisane nosihlalo waleliqembu esifundazweni iKwaZulu-Natali, umnumzane Zwakele Mncwango.