

EZANAMUHLA: ACTION SA WELCOMES PMB HIGH COURT DECISION AGAINST ETHEKWINI
I-Action SA esifundazweni iKwaZulu-Natali ithi iyasamukela isinqumo se ePietermaritzburg High Court esivuna isicelo esifakwe i-DA sokuthi umkhwandlu-dolobha weTheku uhlulekile ukubhekana ngendlela nokuchitheka kwendle emabhishi nasemifuleni, nokubeka engcupheni izimpilo zabahlali abaphuza amanzi a…

EZANAMUHLA: COJ CONTINUES FIGHT AGAINST HIJACKED BUILDINGS FOLLOWING DJ WARRAS' DEATH
Umnyango wezokuhlaliswa kwabantu ku mkhandlu-dolobha iGoli, uthi imizamo yawo yokubhekana nobugebengu obuhleliwe bokudunwa kwamabhilidi iyaqhubeka. Ongoti bathi ubugebengu obuhleliwe bokudunwa kwamabhilidi obuqhubekayo emadolobheni amakhulu eNingizimu Afrika bungenisa izigidi zamarandi njalo ngonya…

ABASIKI BEBUNDA: MOTION AGAINST KZN PREMIER NTULI FAILS
Kubikwa ukuthi uyedwa umuntu olimele ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwamaphoyisa kanye namalungu eqembu loMkhonto Wesizwe abewotha ubomvu ngemva kokuthi isiphakamiso seqembu sokukhipha esikhundleni uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uThami Ntuli singabanga yimpumelelo. Kuye kwaqubuka…

EZANGEMPELASONTO: PMB LAWYER LEADERS NATIONAL BUSINESS RESCUE PUSH
Lapho izinkampani zingena ekutakulweni kwamabhizinisi, abaningi bakubheka njengomzamo wokugcina ngaphambi kokuzithola bebhekene nenselo yokuvala thaqa. U-Zethu Ntanzi weCox Yeats, uchaza kabanzi ngemizamo yokutakula amabhizinisi.

EZANAMUHLA: POLITICAL ANALYST THOBANI ZIKALALA ON NO CONFIDENCE VOTE AGAINST KZN PREMIER.
Namuhla elamanqamu njengoba kulindeleke ukuthi kube nevoti lokungabethembi ubuholi bukandunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natali, uThami Ntuli. Lelivoti lokungabethembi ubuholi lethulwe iqembu eliphikisayo kulesifundazwe, i MK Party kanti i EFF kulindeleke ukuthi Ivote ukweseka lelivoti. Sixoxisane…

EZANGEMPELASONTO: AUSTRALIA BANS SOCIAL MEDIA USE FOR KIDS, CAN SA FOLLOW SUIT?
Izwe iAustralia selibe ngelokuqala ukuvala ngokusemthethweni ukungena kwezingane ezinkundleni zokuxhumana. Sekuqubuke inkulumompikiswano emhlabeni jikelele phakathi kwabazali abasincomayo lesinqumo kanye nezinkampani zezobuchwepheshe, zihambisana nezishoshovu zamalungelo okukhuluma ngokukhululeka,…

EZANAMUHLA: NATIONAL CREDIT REGULATOR'S ZONKE MAJOLA ON FESTIVE SPENDING TIPS.
Isikhathi samaholide isikhathi esimatasa kakhulu njengoba abantu bezihlomulisa ngezindlela ezahlukene nokuyinto edinga imali. Abanye bethu bazihlomulisa ngokweqile size sizithole sesinenkinga yemali ngenxa yokuyisebenzisa budedebengu. Sixoxisane naloyo obhekelele ezokufundisa nokuxhumana kwisikhu…

EZANAMUHLA: NAMC SENIOR ECONOMIST ON BOTSWANA REIMPOSING BAN ON SA VEGIES.
Izwe laseBotswana seliphinde lamisa ukuthenga imikhiqizo yezitshalo ezivela emazweni angomakhelwane okubalwa neNingizimu Afrikha ngenhloso yokuthuthukisa imikhiqizo yakulelozwe. Phakathi kwalemikhiqizo kubalwa utamatisi, amazambane, iklabishi, u-anyanisi, kanye nekhabe. Sixoxisane nosomnotho ovel…

EZANAMUHLA:The handing over the final ward boundaries to the Independent Electoral Commission (IEC) by the Municipal Demarcation Board (MDB)
IKhomishana Yokhetho Ezimele - ilindele amawadi omasipala abangaphezu kwezinkulungwane ezine namakhulu amane abazobamba iqhaza okhethweni oluzayo lwezindawo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi Ibhodi Lokuklanywa Komasipala linikeze ngokusemthethweni amawadi okugcina okhetho ku-IEC, okhethweni lwasekhaya lo…

EZANAMUHLA: SAHRC COMMEMORATING THE SIGNING INTO LAW OF THE COUNTRY'S CONSTITUTION.
Ikhomishane yamalungelo esintu kuleli, i-South African Human Rights Commission, kuzothi namuhla ihlanganyele nezinye izinhlaka zikahulumeni ukugubha amalungelo abantu emhlabeni. Lolu suku luqondene nosuku lokusayindwa komthethosisekelo wakuleli waba semthethweni. Sixoxisane nokhomishane uPhilile …