Umnyango wezokuhlaliswa kwabantu ku mkhandlu-dolobha iGoli, uthi imizamo yawo yokubhekana nobugebengu obuhleliwe bokudunwa kwamabhilidi iyaqhubeka. Ongoti bathi ubugebengu obuhleliwe bokudunwa kwamabhilidi obuqhubekayo emadolobheni amakhulu eNingizimu Afrika bungenisa izigidi zamarandi njalo ngonyaka. Ukubulawa kosaziwayo uDJ Warras ngaphandle kwase Carlton Hotel kuleli sonto kuyamaniswa nobugebengu bokudunwa kwamabhilidi.
Sixoxisane no Mlungisi Mabaso oyikhansela kulo mkhandlu dolobha nophinde abe ilunga lomnyango obhekelele ukuhlaliswa kwabantu.