Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: UCHAZWE NJENGOBEWUTHANDA KAKHULU UMNDENI WAKHE UMSUBATHI OTHOLAKALE EBULEWE EMVA KOKUDUKA

View descriptionShare
 

Umsubathi wakuleli obulewe uElizabeth Moselakgomo, owaziwa kakhulu ngelika Tsontso, usechazwe njengomuntu obengumgogodla emndenini.

Isidumbu sakhe sitholakale eKempton Park empumalanga Randi yeGauteng ngoMgqibelo ekanti wanyamalala ngemumva kokuyogijima ezivocavoca ngoLwesine ngeledlule. 

Uhlonzwe umndeni wakhe ngezithuba zasekuseni namuhla.

Ukufa kwakhe kuza ngemumva kokuba amaphoyisa ethole ezinye izidumbu ezine zabesifazane kulendawo. 

Amaphoyisa aphinde athola isidumbu sesihlanu namhlanje eOlifantsfontein eduze kwaseKempton Park. 

Ohlelweni namuhla sixhumane no Elijah Mhlanga okhulumela uhulumeni wesifundazwe iGauteng.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 1,033 clip(s)