Baningi abantu abanamaphupho abafisa ukuwafeza, kungaba ukuqala ibhizinisi, ukungena komunye umsebenzi noma ukuguqula ithalente labo libe yindlela yokuziphilisa. Kodwa inselelo iba nkulu uma lelo phupho lidinga ukuthi ushiye umsebenzi okuholelayo, udele ukuphepha kwezimali obukujwayele, ungene endleleni ongazi ukuthi izokuholelaphi.
Sifuna ukwazi ukuthi umuntu angasuka kanjani ekubeni nephupho nje aye ekulenzeleni impilo yakhe.



