Ingxoxo noPinky Mpontshane Olibangise kumaAfrican Skills Olympics eAlgeria | Siqalaza Phesheya
Dankie 1223
It is an urban show for Afropolitan: Young, urban and culturally savvy with a global outlook. Inhabitants of a metropolis. People who are in rural/per…1,654 clip(s)
Loading playlist
Emkhakheni wemisebenzi yezandla nobuchwepheshe, kusekhona imibono yokuthi eminye imisebenzi ingeyabesilisa kuphela. Kodwa-ke, kukhona abantu besifazane abaqhubeka nokuphula leyo mingcele, bekhombisa ukuthi ikhono, ukuzimisela nokuzikhandla akuncikile ebulilini bomuntu.
UPinky Mpontshane, waseMfolozi TVET College, ungomunye walabo bantu. Ngemuva kokumela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni wamazwe omhlaba wokushisela i-International Welding Skills Competition eShanghai, eChina, manje usekulungiselela enye inselelo enkulu, okuyi-African Skills Olympics e-Algeria, lapho ezobe encintisana khona nabanye abantu abanamakhono ahlukene ezwenikazi.



