Amalungelo Nezibopho Zabavoti Okhethweni Lohulumeni Basekhaya | Ingalo Yomthetho
Njengoba iNingizimu Afrika ibheke okhethweni lohulumeni basekhaya kulelisonto, kubalulekile ukuthi abavoti baziqonde kahle izinqubo zokuvota, amalungelo abo kanye nezibopho zabo ngaphansi komthetho.
Namuhla sixoxa nongoti wezomthetho ukuze asicacisele ukuthi umthetho uthini, yimaphi amalungelo omvoti nokuthi yini okufanele umuntu ayenze uma ehlangabezana nezigameko ezingahambisani nomthetho ngesikhathi sokhetho.



