
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Njengengxenye yokugubha lolu suku, sibheka indlela intsha yanamuhla esizuze ngayo emathubeni ahlukene alethwe ukubhukula kwentsha ka-1976. Namuhla sivakashelwe u-Sne Madondo, ongomunye wabantu abasha abasanda kufinyelela esigabeni esibalulekile empilweni yakhe ngokuthola izincwadi zokushayela nokuba nemoto yakhe #UkhoziFMWNB
15:04

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sibheka ngokujulile umlando wokwenzeka ngo 16 Juni 1976 eSoweto, izizathu ezaholela kulolusuku, indlela intsha eyaphendula ngayo, imiphumela yalokho okwenzeka kanye nomthelela osabonakala namuhla. Lolu suku luyisikhumbuzo sokuthi intsha ingaguqula umlando uma ihlangene futhi inombono ocacile #UkhoziFMWNB
17:57

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sibheka emkhathini uzungezohlelo lwelanga lwethu (Solar System), olwakhiwa yiLanga kanye nayo yonke imizulane nezinyanga ezizungeza lona ngenxa yamandla adonsela phansi (gravity) #UkhoziFMWNB
16:01