

UMUNTU UMUNTU NGABANTU_ Namhlanje ekesizwe kowawina imoto yesibili bese simumema ukuthi azolanda imoto yakhe entsha-sha i-Ora 5 Ultra Luxury! #UkhoziFMWNB

EZIKABHOQO_ noNDLEBE ku #UkhoziFMWNB (15 OCT 2026)

KUNGANI UNGAVELE UMSHIYE_ Namhlanje sikhuluma ngabantu ababambe abantu babo ngekorobela #UkhoziFMWNB

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Kule Transport Month, sibheka ukuthi ubani okhokhela izithuthi zomphakathi, yiziphi izindlela ezixhaswayo nokuthi uhlelo olulinganayo lungabukeka kanjani. #UkhoziFMWNB

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Kulesi sikhathi lapho abaningi bebhekene nengcindezi yezimali, wonke umuntu ufisa ukuthenga imoto esezingeni eliphezulu ngentengo engambi eqolo. Likhona ithuba lokuzitholela imoto yamaphupho akho ngentengo ephansi. #UkhoziFMWNB

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ucwaningo lwe-UCT Liberty Institute of Strategic Marketing lulinganisela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basebenzisa imali engaphezu kuka-R500 billion ngonyaka emishadweni, emingcwabeni, emicimbini yesintu namasiko nasemibuthanweni yezenkolo. #UkhoziFMWNB

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Isibopho sokondla izingane ezingezona ezakho ngokwegazi (Stepchildren and the Duty of Support). #UkhoziFMWNB

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sibheka ukuthi imali yomculo iqhamuka kuphi, ihlukaniswa kanjani nokuthi abaculi bangawavikela kanjani amalungelo abo. #UkhoziFMWNB

ISIHAMBELI (GUEST) - Namhlanje sixoxa no Uncool MC sizwe kabanzi ngale EP entsha nangohambo lwakhe. #UkhoziFMWNB

IZIHAMBELI (GUESTS) - Iqembu lezinsizwa zase-Gqeberha e-Eastern Cape, elaziwa nge-Culture Motion, lisematheni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwevidiyo yalo licula iculo lesi-Xhosa elithi “Ingoma Ezimnandi”, ngesitayela somculo wesintu esaziwa ngokuthi u-Gwijo. Leli culo seliphinde lasabalala seliguqulwe laba ngumculo womdanso, okuhlanganisa nenguqulo esabalaliswa ngaphansi kwegama lika-Pro-Tee kanye ne- Culture Motion. #UkhoziFMWNB