
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Njengengxenye yokugubha lolu suku, sibheka indlela intsha yanamuhla esizuze ngayo emathubeni ahlukene alethwe ukubhukula kwentsha ka-1976. Namuhla sivakashelwe u-Sne Madondo, ongomunye wabantu abasha abasanda kufinyelela esigabeni esibalulekile empilweni yakhe ngokuthola izincwadi zokushayela nokuba nemoto yakhe #UkhoziFMWNB
15:04

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_Yingakho namuhla sixoxa nabasunguli be-Sinethemba Home Care Foundation, inhlangano eyasungulwa ngabahlengikazi abasebasha abaqeqeshiwe kwezokunakekelwa kwabantu emakhaya, okuthi noma bengasebenzi okwamanje, bazinikele ngokusebenzisa isikhathi sabo, amakhono abo kanye nezinsiza zabo ukunakekela abantu abadala emiphakathini ehlukene. #UkhoziFMWNB
11:39

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sibheka emkhathini uzungezohlelo lwelanga lwethu (Solar System), olwakhiwa yiLanga kanye nayo yonke imizulane nezinyanga ezizungeza lona ngenxa yamandla adonsela phansi (gravity) #UkhoziFMWNB
16:01