



UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - 22 SEPTEMBER 2026 #UkhoziFMWNB

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - ISilo uShaka kaSenzangakhona yaguqula ubukhosi obabubuncane baba nguMbuso kaZulu onamandla. Kodwa umlando wakhe kufanele uhlukanise iqiniso nenganekwane, futhi uvume kokubili ukwakha kwakhe isizwe nodlame lwezimpi zakhe #UkhoziFMWNB

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Namhlanje sikhuluma no-Nksz Simthembile Sibisi waseMsinga, ongumama wengane eneminyaka eyisikhombisa (7) ubudala okusolwa ukuthi yanukubezwa ngokocansi yilungu lomndeni elingumkhulu womntwana. Ngokokulandisa kwengane, umsolwa ungumfowabo kamkhulu ozala unina…okusho ukuthi umkhulu omncane #UkhoziFMWNB

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - IKhomishana kaMadlanga isiqede unyaka ilalela ubufakazi ngezinsolo zokungenelela kobugebengu, ezepolitiki nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa. Ubufakazi bakamuva sebubheke emaphoyiseni kamasipala waseGoli, emajele nasekutheni izikhungo zingahlanzwa kanjani #UkhoziFMWNB

ISIHAMBELI (GUEST) - Namuhla sixoxa no-Sbo F, umculi waseMsinga onamakhono ahlukene okubalwa kuwo ukuba yi-DJ, producer, songwriter kanye nokuba ngum-rapper. Usilethela ingoma yakhe entsha ethi “Ukube Kuya Ngami,” asebenzisane kuyo ne-Inkos’Yamagcokama kanye no-X-Wise. #UkhoziFMWNB

IZIHAMBELI (GUESTS) - Namhlanje sixoxa ne-duo esafufusa yaseNdwedwe, KwaZulu-Natal, eyakhiwe amawele uLungani noLungelo Hlophe, abazibiza, ABAYENI! Umculo wabo uhlanganisa i-Afro Pop, amasiko ase-Afrika kanye nezigqi zesimanje. #UkhoziFMWNB

ISIHAMBELI (GUEST) - Njengoba sigubha i-Tourism Month kanye ne-Heritage Month, namuhla sixoxa noMs Sithembile Ndaba, Chief Marketing Officer kwa- South African Tourism, ngokukhula kwezokuvakasha kwasekhaya, ikakhulukazi entsheni. #UkhoziFMWNB

EZIKABHOQO_ noWELE ku #UkhoziFMWNB (17 SEPT 2026)

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Incwadi yefa ichaza ukuthi impahla nezikweletu zakho kufanele kuphathwe kanjani uma usushonile. Kusukela mhla ziyi-14 kuya ziyi-18 kuMandulo 2026, abameli namahhovisi eLegal Aid SA abambe iqhaza basiza ngokubhala izincwadi zamafa mahhala. #UkhoziFMWNB

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Njengoba sisondela ekupheleni konyaka, kuvamise ukwanda ukwethulwa kwezimoto ezintsha emakethe. Lokhu kunikeza abathengi amathuba amaningi okukhetha, njengoba abakhiqizi beletha izinhlobo ezahlukene ezihambisana nezidingo, izifiso kanye nesabelomali sabo #UkhoziFMWNB