
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Njengoba sigoqa inyanga yabesifazane sesingena kwinyanga yamasiko futhi izintombi zizolungiselela ukuya emshadweni…sithe akesikhuluma nowesimame wakwa-Nongoma owagana emncane esafunda isikole ehamba Umhlanga egana umlisa ongumelaphi wendabuko wakhona naye endaweni yakwa-Nongoma #UkhoziFMWNB
22:15

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Sibhekisisa kabanzi obekwenzeka kwiMadlanga Commission ngeviki eledlule. UCat Matlala uchaze ubudlelwano bakhe nezikhulu zamaphoyisa, uGodfrey Lebeya waphendula izinsolo zokuphazamisa ukuboshwa kukaKatiso Molefe, kanti uJoe Sibanyoni wakhuluma ngezinkabi kanye nodlame embonini yamatekisi #UkhoziFMWNB
19:43

UMUNTU UMUNTU NGABANTU_ LoLwesine wanamuhlanje owokugcina kulenyanga…ngenyanga ezayo kaMandulu Amathole Funerals azobe ebungaza iminyaka engamashumi amabili asungulwa ngomkhankaso ka’No Waiting Period!’ ohambisana nendumezulu yemititilizo ezowinwa inyanga yonke…okubalwa etsha-sha imoto! #UkhoziFMWNB
17:06