
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Njengoba sigoqa inyanga yabesifazane sesingena kwinyanga yamasiko futhi izintombi zizolungiselela ukuya emshadweni…sithe akesikhuluma nowesimame wakwa-Nongoma owagana emncane esafunda isikole ehamba Umhlanga egana umlisa ongumelaphi wendabuko wakhona naye endaweni yakwa-Nongoma #UkhoziFMWNB
22:15

IZIHAMBELI (GUESTS) - Namhlanje sikhumbula ifa lika-Dolly Parton njengoba esedlulile emhlabeni, amagalelo akhe emculweni kanye nobudlelwano bakhe ne- Ladysmith Black Mambazo…siphinde sibheke umthelela wokusebenzisana kwabo kanye nendlela leli qembu laseNingizimu Afrika elikhumbule ngayo lenkakha yomculi #UkhoziFMWNB
15:25

UMUNTU UMUNTU NGABANTU_ LoLwesine wanamuhlanje owokugcina kulenyanga…ngenyanga ezayo kaMandulu Amathole Funerals azobe ebungaza iminyaka engamashumi amabili asungulwa ngomkhankaso ka’No Waiting Period!’ ohambisana nendumezulu yemititilizo ezowinwa inyanga yonke…okubalwa etsha-sha imoto! #UkhoziFMWNB
17:06