Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

EZANGEMPELASONTO: STUDY REVEALS VOTER CONFIDENCE DECLINES ONCE AGAIN

View descriptionShare
 

Ikhomishana yokhetho ezimele i-IEC inxusa amaqembu ezombusazwe ukuthi ayilekelele emzamweni yokubuyisa ukwethenjwa kwayo abantu bakuleli, njengoba liqhubeka nokwehla izinga lokwethenjwa kwezinhlelo zokhetho kuleli kanjalo nezikhungo zikahulumeni.  

Ubuholi balekhomishana yokhetho ezimele bube nezingxoxo ezidonse isonto lonke nezinhlaka ezahlukene esifundazweni i-KwaZulu-Natal okubalwa kuzo namaqembu ezombusazwe.

Lokhu kuza emva kokuthi ucwaningo olwenziwe isikhungo iHuman Sciences Research Council, luveza ukuthi ukwethenjwa kwe IEC kanye nokusebenza kwentando yabantu kuleli kwehle kakhulu kanti isifundazwe i-KwaZulu-Natal sibalwa nalezo ezinabavoti abaningi abanganelisekile neze.

Lolucwaningo luveza ukuthi izinga lokugculiseka kwabavoti kulesi sifundazwe lehle lisuka ku emaphesentini angamashumi amahlanu nane ngo2004 laya emaphesentini ayisithupha ngonyaka owedlule. 

Ukuhlaziya kabanzi lemiphumela yalolucwaningo sibe nengxoxo nongoti wezokhetho eNingizimu Afrika uNkosikhulule Nyembezi. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 824 clip(s)