Ukhomishana we Border Management Authority (BMA), uDr Michael Masiapato uthi loluhlaka luqophe isibalo esiphansi sokwephulwa komthetho ngenxa yokuqinisa kwabo ukusebenza kwimngcele kuleli.
Izikhulu zalesiskhungo ziphume zagcwala zonke lezindawo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukusizwa kwabantu kanye nokuhlolwa kwezimpahla kwenzeka ngaphandle kwezihibe kuyo yonke imngcele.
Kwenzeka lokhu nje iBMA ibambe abalisa ababili baseMozambique abebezama ukungena kuleli ngokungemthetho, futhi, emva kokuseshwa kwemoto ebebehamba ngayo, kutholakale ama passport angu 46 abegxivizwe ngendlela engekho emthethweni.
Namuhla sixhumane no Makhosazana Jakavula, oyiphini likakhomishana we BMA.