Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

EZANAMUHLA: ACTION SA WELCOMES PMB HIGH COURT DECISION AGAINST ETHEKWINI

View descriptionShare

Ukhozi Current Affairs

Ukhozi Current Affairs
623 clip(s)
Loading playlist

I-Action SA esifundazweni iKwaZulu-Natali ithi iyasamukela isinqumo se ePietermaritzburg High Court esivuna isicelo esifakwe i-DA sokuthi  umkhwandlu-dolobha weTheku uhlulekile ukubhekana ngendlela nokuchitheka kwendle emabhishi nasemifuleni, nokubeka engcupheni izimpilo zabahlali abaphuza amanzi anegciwane E-COLI.

Noma kunjalo, i-Action SA ithi kuyabakhathaza ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sesicelo se-DA ekubeni kuyiyo eyahambisa lolu daba kuqala enkantolo. Bathi i-DA yahambisa isicelo esifanayo ngemuva kwezinyanga eziyisithupha beyile enkantolo.

Inkantolo inqume ukuthi iTheku liphule imithetho eyahlukene ephathelene nemvelo kanye namanzi. Kanti iphinde yanikeza  leli dolobha isikhathi esingangenyanga sokuba lishicelele imniningwano mayelana nokuhlolwa kwamanzi ezinkundleni zokuxhumana kanye nakuma website edolobha. 

Sixoxisane nosihlalo waleliqembu esifundazweni iKwaZulu-Natali, umnumzane Zwakele Mncwango.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

  1. Ukhozi Current Affairs

    623 clip(s)

  2. SABC News Podcasts

    20,928 clip(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 655 clip(s)