ABASIKI BEBUNDA: WATERCAN CALLS FOR INQUIRY INTO BRONKHORSTSPRUIT WATER CRISIS

 

Ukhozi Current Affairs

Ukhozi Current Affairs
1,059 clip(s)
Loading playlist

Inhlangano elwela ukuhlinzekwa kwamanzi ahlanzekile emiphakathini, i-WaterCan, inxuse ukuba kuphenywe ngesigameko sokugcola kwamanzi eBronkhorstspruit ePitoli esiholele ekutheni kubheduke isifo esihambisana nokukhishwa isisu. Babalelwa ku 833 abantu abahaqwe yilesi sifo kanti abangu 328 kulabo izingane ezineminyaka engaphansi kwemine. 

Ungqongqoshe wezamanzi nenhlanzeko, uPemmy Majodina, utshele abezindaba namhlanje ePitoli ukuthi u 90% wamanzi eNingizimu Afrika ahlanzekile futhi aphephile ukuthi abantu bawaphuze. UNomsa Daele, umgqungquzeli we WaterCan uthi abahambisani nalokho.