Umnyango wezemisebenzi yomphakathi uthi izinkampani ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu zikhishwe ohlwini losonkontileka lwesikhungo, i-Construction Industry Development Board (CIDB) ngenxa yomgunyathi kanye namanga. Lomnyango uthi uzoqhubeka nokuphenya ezinye izinkampani njengoba wande kakhulu lomkhuba embonini yezokwakha futhi uphazamisa nokuphothulwa kwemisebenzi yokwakha.
Sixoxisane nokhulumela umnyango wezemisebenzi yomphakathi, u-Lennox Mabaso.




