Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA PODCAST

View descriptionShare

Ikhomishana yamalungelo abantu isiqale izigcawu zomphakathi mayelana nomthelela wokwehliswa kokuphakelwa kogesi okunakho ezimpilweni zezakhamizi. 

U-Shirley Mlombo oyisikhulu esiphezulu kwa South African Human Rights Commission, ohlelelweni namuhla, uveze ukuthi kunokukhathazeka okakhulu emphakathini, ikakhulukazi le eyayincishwe amathuba. 

---------------------

Esigabeni sesibili: 

Ucwaningo lwe Statistics South Africa luka 2022/23, seluveze ukuthi abantu abansundu babhekene nenkinga enkulu ngakwezezimali uma beqhathaniswa nabamhlophe, abomdabu wasendiya namakhaladi.

Imali eyiholo lonyaka elinganiselwa ku R143 000 eholwa iningi labansundu ingaphansi kakhulu kuleyo eholwa yilezi ezinye inhlanga.

UMnu Bonga Radebe oyisikhulu esiphezulu kwi Stats SA usichazela kabanzi ngocwaningo lwabo. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

  1. Ukhozi Current Affairs

    623 clip(s)

  2. SABC News Podcasts

    20,926 clip(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 655 clip(s)