Imeya yeTheku, umnumzane Cyril Xaba, uthi cishe bonke abakofika ababeqhinqe eDiakonia Centre maphakathi nedolobha eThekwini bathuthwe ngamabhasi bahanjiswa esikhungweni somnyango wezasekhaya ukuze kuqinisekiswe imniningano yabo. Lokhu njengoba sekuphele izinsuku behleli maphakathi nedolobha befuna indawo yokukhosela ngenxa yezinsongo nokuhlukumezeka abathi bakuthola ezindaweni abebehlala kuzona.
UXaba uthi kuthuthwe abokufika abangaphezu kwamakhulu amathathu bayiswa e-Refugee Reception Centre kuMoore Road eThekwini. Kuboshwe owokufika oyedwa ngokuba kuleli ngokunge mthetho.
Noma kunjalo, nakuba begcine bewagibele la mabhasi, abanye babo bebe manqika. Kanti amaphoyisa ebesiqaphile isimo ngesikhathi kuqhutshwa lolu hlelo.

ABASIKI BEBUNDA: KZN EDUCATION DEPARTMENT DENIES BEING PLACED UNDER ADMINISTRATION
12:27

ABASIKI BEBUNDA: AMAZULU KING MISUZULU KAZWELITHINI MAKES MAJOR CHANGES TO ROYAL OFFICE
05:12

EZANAMUHLA: IEC CONCERNED ABOUT LACK OF PUBLIC TRUST IN ITS WORK.
31:39