Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: MAYIBUYE SAYS IT WILL CONTEST IN ALL MUNICIPALITIES IN THE 2026 ELECTIONS

View descriptionShare

Umholi weqembu iAfrika Mayibuye Movement, uFloyd Shivambu, uthi alikho iqembu kwamakhulu abamnyama elikulungele ukuthatha izintambo kwi ANC.

Ekhuluma kwingxoxo ekhethekile nabe SABC phambilini namuhla uShivambu, uthi nakuba iANC isifadabala kodwa nokho ikwazile ukufeza lokho eyayizibekele khona emlandweni.

Noma kunjalo ukugcizelele ukuthi alikho iqembu kwakhona njengamanje elizokwazi ukufeza izinkinga zezwe okuhlanganisa nesimo somnotho nenhlalo.

Namuhla sithi ake sisabalale kulokho okushiwo umholi waleliqembu. 

Esigabeni sokuqala sixhumana no Nobhala Jikelele weAfrika Mayibuye Movement uSiphephile Mahlaba kanti esigabeni sesibili sixhumana nomhlaziyi wezepolitiki uThamsanqa Malinga. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 759 clip(s)