Ikomidi lasephalamende elizophenya ngokuziphatha kukamengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngodaBa lwasePhalaphala, selinqume ukuthi lizosibuyekeza isinqumo salo sokuqoka uAdvocate Thandazani Madonsela njengozohola ubufakazi esigcawini salelikomidi ephalamende.
Lokhu, emva kwencwadi ethunyelwe uRamaphosa ephikisana nokuqokwa kukaMadonsela, waveza izizathu ezimbili anazo. Abeluleki bezomthetho bephalamende , batshele amalunga esishayamthetho sikazwelonke isinqumo sabo sokuqoka uMadonsela sisemthethweni, futhi azikho izinkomba zezinto ezishayisanayo.
Kodwa, leli komidi liveze ukuthi ngenxa yesifiso sabo sokusingatha lolu hlelo ngobulungiswa neqiniso, kuzoba into ephusile ukubuyekeza lesi sinqumo. Lolu daba silubheke kabanzi nongoti wezomthetho, uMelusi Xulu we Donda Attorneys.

EZANGEMPELASONTO: ABE SA FIRST FORUM BAFUNA KUSUSWE ABOKUFIKA ABAQHINQE KU MOORE ROAD
09:07

EZANGEMPELASONTO: OWABE ENGU MNGANI KA MAGAQA USHICILELE INCWADI EVULELEKILE EFUNA UBULUNGISWA
09:05

EZISEMATHENI: SCHOLAR TRANSPORT OPERATIONS DISTRUPTED IN MPUMALANGA
04:57