Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

EZANGEMPELASONTO: OWABE ENGU MNGANI KA MAGAQA USHICILELE INCWADI EVULELEKILE EFUNA UBULUNGISWA

View descriptionShare
 

Kulelisonto (4 September) bekuphela iminyaka eyisishiyagalonye kwadlula emhlabeni lowo owabe ewunobhala jikelele wophiko lwentsha lweANC kuzwelonke nowayephinde abe ikhansela leANC eMzimkhulu uSindiso Magaqa. 

Lolusuku lufika nje, udaba lokubulawa kwabantu ngenxa yezepolitiki seluphinde lwaba undabamlonyeni kulandela izigameko ezahlukahlukene zokudutshulwa kwabaholi bezepolitiki kubhekwe okhethweni ngo November. 

Lowo owabe ewumngani kaMagaqa kanye nozakwabo eqenjini ngalesosikhathi uThabiso Zulu ushicilele incwadi evulelekile lapho ekhala khona ngobulungiswa kulelicala lokubulawa kukaMagaqa.

Phakathi kokunye akuvezayo kulencwadi - izinsolo zokuthi kunalabo ababandakanyekayo kulelicala kodwa abangaphandle futhi abaziqhubekela nezimpilo zabo ngokujwayelekile.

UZulu sixhumane naye malungana nayo lencwadi.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 1,018 clip(s)