Amathimba ezinhlekelele esifundazweni iKwaZulu-Natal, abhekane nezehlakalo eziningana ezimayelana nesimo esingesihle sezulu, njengoba umsinga onamandla uqhubeka nokudala umonakalo esifundazweni.
Sibe nengxoxo noMnu Mxolisi Nxumalo ongumholi womphakathi eCopesville ngaphandle kwedolobha laseMgungundlovu lapho okubikwe khona umonakalo.
Siphinde saxhumana noNgqongoshe wezokubusa ngokubambisana uRev Thulasizwe Buthelezi ngomonkalo odalwe ukukhithika kweqhwa, umoya onamandla nemvula esifundazweni.
Kanti esifundazweni iEastern Cape, abatshuzi bamaphoyisa abatholanga muntu ngaphakathi kwitekisi okubikwa ukuthi ikhukhulwe umfula e Decoligny, eduze kwase Mthatha. Intatheli yakwa SABC uFundiswa Mhlekude uyena obelandela loludaba noveze ukuthi sebengu 8 abalahlekelwe imphefumulo ngenxa yalesimo sezulu esingesihle.

EZANAMUHLA: RTMC issues warning to road users ahead of Easter Weekend
22:24

ABASIKI BEBUNDA: OUTRAGE OVER NIGERIAN KING CORONATION IN KUGOMPO CONTINUES
08:55

ABASIKI BEBUNDA: EASTERN CAPE COGTA CONDEMNS VIOLENT PROTESTS IN KUGOMPO OVER NIGERIAN CORONATION
08:39