Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: FOREIGN NATIONALS REMOVED FROM DURBAN CBD FOR PROCESSING BY HOME AFFAIRS

View descriptionShare
 

Ukhozi Current Affairs

Ukhozi Current Affairs
823 clip(s)
Loading playlist

Iqulu labokufika ebelilokhu liqhinqe eDiakonia Centre maphakathi nedolobha eThekwini lithuthwe ngamabhasi lahanjiswa esikhungweni somnyango wezasekhaya ukuze kuqinisekiswe imniningano yabo. Lokhu njengoba sekuphele izinsuku behleli maphakathi nedolobha befuna indawo yokukhosela ngenxa yezinsongo nokuhlukumezeka abathi bakuthola ezindaweni abebehlala kuzona. 

NgoLwesithathu kuBasiki Bebunda sibe nengxoxo noPrincy Mthombeni wenhlangano elwela izinguquko kumthethosisekelo, i-South Africans for Constitutional Reform, kanye nongoti wezamazwe angaphansi kwezwekazi iAfrika, uAdvocate Sipho Mantula. 

Inhloso bekuwukudingida izimo ezenzeka amazweni angaphansi kwezwekazi i-Afrika eziholela ekutheni kube nenani eliphezulu labokufika eNingizimu Afrika. Abakwa Statistics South Africa bathi kusukela ngo 2022 inani labokufika kuleli lifinyelele ku 2,4 million futhi likhula njalo ngonyaka. 

UMthombeni no Advocate Mantula bayavumelana ngokuthi ukuxega kwengalo yomthetho kuleli yiyona mbangela yesimo elengabadi elizithola libhekene nayo.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 865 clip(s)