Iqembu i-Action SA lithi nakuba likwamukela ukwembulwa kwezithusi ezimbili ezibiza u22 million randi zohlobo lwe Bronze zezishoshovu zomzabalazo, le mali ibingasetshenziselwa ukuletha izidingo emphakathini ezifana namanzi kanye nezindlu.
Umengameli Cyril Ramaphosa wembule isichusi sika Oliver Tambo nalowo owayengumengameli eNingizimu Afrika, uNelson Mandela, eThekwini namhlanje. Sixoxisane nosihlalo we Action-SA esifundazweni iKwaZulu-Natali, uZwakele Mncwango.
Umphathi wedolobha, uMusa Mbhele, uthi bekubalulekile ukuthi babungaze lezi shoshovu zomzabalazo futhi lezi chusi zizolekelela ekwenyuseni inani lezivakasha eThekwini. UMbhele uphinde waveza nokuthi amaqembu agxeka ukwembulwa kwalezi chusi angosomathuba, ikakhulu njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni bezindawo.

ABASIKI BEBUNDA: ETHEKWINI MUNICIPALITY ON ONGOING EFFORTS TO IMPROVE SERVICE DELIVERY
41:21

EZANAMUHLA: KUMISA GATHERING DISCUSSING PERTINENT ISSUES AFFECTING THE MUSIC INDUSTRY.
05:08

EZANAMUHLA: PUBLIC WORKS DEPARTMENT ON THOROUGH INVESTIGATION INTO BUILDING COLLAPSE IN ORMONDE, JOHANNESBURG.
10:07