Umkhandlu-dolobha iTheku uphendula mayelana nesinqumo senkantolo ephakeme eMngungundlovu esivune iqembu le Action SA nesigcizelela ukuthi umkhandlu dolobha weTheku wephule isibophezelo sawo esikumthetho-sisekelo sokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yamanzi isesimweni esifanele.
Ngaphambilini kuleli sonto uhlelo Abasiki Bebunda lwaxoxisana nalo leli qembu ngemuva kwalesi sinqumo.
Namhlanje, umkhandlu uziphendulele kulokhu okwashiwo i-Action SA ngomlomo kamqondisi wezomthetho kumasipala weTheku, umnumzane Malusi Mhlongo, oveze ukuthi umkhandlu umkhandlu uyasamukela isinqumo senkantolo. Uphinde wagcizelela nokuthi ukuhlinzeka imiphakathi ngamanzi ahlanzekile kanye nokuqinisekisa ukuphepha kwamanzi olwandle kuwumsebenzi wawo umasipala.
Ube eseveza nonokuthi inkantolo izichithe nezindleko ezinye izicelo ze Action SA. UMhlongo uthi inkantolo iveze ukuthi i-Action SA ibingenabo ubufakazi obuphathekayo kodwa ibithembele kakhulu embikweni wabezindaba ngezicelo abazifake enkantolo.

EZANAMUHLA: RTMC issues warning to road users ahead of Easter Weekend
22:24

ABASIKI BEBUNDA: OUTRAGE OVER NIGERIAN KING CORONATION IN KUGOMPO CONTINUES
08:55

ABASIKI BEBUNDA: EASTERN CAPE COGTA CONDEMNS VIOLENT PROTESTS IN KUGOMPO OVER NIGERIAN CORONATION
08:39