Umasipala weTheku ucacisa ngezinhlelo zawo zokuthuthukisa ukulethwa kwezidingo emphakathini. Lokhu emva kokugxekwa amaqembu ezepolitiki kanye namalunga omphakathi ngezichuse ezimbili zohlobo lwe bronze ezembulwe eThekwini izolo ezibiza u22 Million randi.
Osopolitiki namalunga omphakathi anombono wokuthi le mali ibingasetshenziswa ukulethwa kwezidingo emphakathini. Umphathi wedolobha uMusa Mbhele uthi banezinhlelo eziqhubekayo zokulungisa ingqalasizinda ehambisa amanzi, imigwaqo, kanye nezinhlelo zokulwisana nobugebengu.
Uphinde walandisa nangohlelo lo mkhandlu olwelekelela labo abakuthola kunzima ukukhokhela amanzi nogesi olubizwa nge Debt Relief Programme.
Kanti sixoxisane ne nhlangano yomphakathi iAlkebu Social Movement ebibambe umbhikisho namhlanje. Bathi amaphoyisa omkhandlu ayabahlukumeza futhi aphinde abalimazele impahla yabo ngenxa yokungabi nazo izimvume zokudayisa. Sixoxisane nokhulumela le nhlangano, uSihle Danisa.

ABASIKI BEBUNDA: TWO NEW SAPS UNIT ESTABLISHED TO FIGHT ORGANISED CRIME IN GAUTENG
09:51

EZANAMUHLA: NCC ON INVESTIGATING SANITARY PADS AND PANTY LINERS SUPPLIERS.
13:16

EZANAMUHLA: KZN EDUCATION DEPARTMENT ON INCENTIVISED EARLY RETIREMENT PROGRAMME.
06:56