Iqembu iEconomic Freedom Fighters ligxeke ungqongqoshe womnyango wezemisebenzi kanye nengqalasizinda, uDean Macpherson, ngohambo luka 300 thousand randi lwase Brazil aluthatha nalowo athandana naye. I-EFF ikholelwa ukuthi uMacpherson uxhaphaza izimali zabakhokhi-ntela futhi le mali ibingasetshenziselwa ukuthuthukisa ingqalasizinda ezikoleni, iziteshi zamaphoyisa kanye nemtholampilo.
Ilunga le EFF ephalamende, uHlengiwe Mkhaliphi, uthi bafuna uMacpherson adalule zonke izindleko zohambo lwakhe, acacise nangezindleko zalowo athandana naye kulolu hambo. UMkhaliphi uthi bafuna ukucaciseleka ngezinqubomgomo ezilawula uhambo oluthathwa ongqongqoshe kanye nababa phelezelayo.
Noma kunjalo, i-Democratic Alliance, ithi uhambo luka Mcpherson luhambiselana nazo zonke izinqubo-mgomo zeqembu eziphathelene nokuhambela amazwe angaphandle.

ABASIKI BEBUNDA: TWO NEW SAPS UNIT ESTABLISHED TO FIGHT ORGANISED CRIME IN GAUTENG
09:51

EZANAMUHLA: NCC ON INVESTIGATING SANITARY PADS AND PANTY LINERS SUPPLIERS.
13:16

EZANAMUHLA: KZN EDUCATION DEPARTMENT ON INCENTIVISED EARLY RETIREMENT PROGRAMME.
06:56