Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: EFF CONDEMS MACPHERSON'S 350K TRIP

View descriptionShare

Iqembu iEconomic Freedom Fighters ligxeke ungqongqoshe womnyango wezemisebenzi kanye nengqalasizinda, uDean Macpherson, ngohambo luka 300 thousand randi lwase Brazil aluthatha nalowo athandana naye. I-EFF ikholelwa ukuthi uMacpherson uxhaphaza izimali zabakhokhi-ntela futhi le mali ibingasetshenziswa ukuthuthukisa ingqalasizinda ezikoleni, iziteshi zamaphoyisa kanye nemtholampilo.

Ilunga le EFF ephalamende, uHlengiwe Mkhaliphi, uthi bafuna uMacpherson adulule zonke izindleko zohambo lwakhe, acacise nangezindleko zalowo athandana naye kulolu hambo. UMkhaliphi uthi bafuna ukucaciseleka ngezinqubomgomo ezilawula uhambo oluthathwa ongqongqoshe kanye nababa phelezelayo.

Noma kunjalo, i-Democratic Alliance, lithi uhambo luka Mcpherson luhambiselana nazo zonke izinqubo-mgomo zeqembu eziphathelene nokuhambela amazwe angaphandle. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 752 clip(s)