Inyanga kaNtulikazi igujwa njengeNyanga Yamadoda eNingizimu Afrika. Yisikhathi sokubungaza iqhaza elibalulekile elibanjwa amadoda emindenini, emphakathini nasekukhuliseni isizwe. Enye yezindima ezibaluleke kakhulu owesilisa angaba nazo yileyo yokuba ubaba.
Namuhla sifuna ukuxoxa nobaba abakhethe ukuba khona empilweni yezingane zabo, siphinde sikhuthaze nalabo abangasekho empilweni yezingane zabo ukuthi basukume babuye bazodlala indima yabo. Sifuna ukuzwa kuwe: Ukuba ubaba kuyiguqule kanjani impilo yakho yaba ngcono?

Ifa likaNelson Mandela, Imizuzu engu-67 Yokwenza Umehluko | Asikhulume
11:28

Indlela Yokwenza Inzuzo Emfuyweni Yezinkomo | Umphako Wemvelo
28:23

Mnce T Pain | Ekhishini Lika Mamkhulu
16:28