Namhlanje sixoxa ngendaba ebalulekile kubalimi abaningi, ikakhulukazi labo abagcina izinkomo emakhaya kodwa abangakaziguquli zibe umthombo wemali oqhubekayo.
Abanye bazifuyela ukuzigcina nje, kanti abanye bazithengisa kuphela uma kunezimo eziphuthumayo. Kodwa umbuzo uthi, singazenza kanjani izinkomo zibe yibhizinisi elinenzuzo elidala amathuba omnotho emindenini yethu?
Ukuze siphendule le mibuzo, sixoxisana nochwepheshe kwezokufuya nokweluleka abalimi, ozosichazela izindlela ezingasiza abalimi abancane nabasafufusa ukuthi bakhulise inzuzo emabhizinisini abo emfuyo.

Ifa likaNelson Mandela, Imizuzu engu-67 Yokwenza Umehluko | Asikhulume
11:28

Mnce T Pain | Ekhishini Lika Mamkhulu
16:28

Amaphutha Esiwenzayo Masiqondisa Amabhuku Entela | Mthengi Gada Iphakethe Lakho
22:44