Uma intsha izwa igama elithi ezolimo, ivamise ukucabanga ngokulima nokufuya kuphela. Kodwa-ke, lemboni inkulu kakhulu kunokutshala nokuvuna. Kunochungechunge olubanzi lwamathuba oluhlanganisa ezokuthutha, ukucubungula ukudla, ubuchwepheshe, ukumaketha, ezokuxhasa ngezimali kanye nokuthengiswa kwemikhiqizo.
Njengoba izwe lethu liqhubeka nokubhekana nenselelo yokungasebenzi kwentsha, namhlanje sibheka ukuthi yiziphi izikhala namathuba intsha engangena kuwo ngaphakathi kochungechunge lwenzuzo kwezolimo. Lokhu sihlaziyelwa uNdumiso Gule, umnini weGule Agri Consulting.

Sakha Imindeni Ephilayo Part 3 - Impilo Mase Sithelelene Amanzi | Asikhulume
10:57

Sakha Imindeni Ephilayo Part 2 - Inhlambuluko | Asikhulume
23:49

Sakha Imindeni Ephilayo Part 1- Engabe Ngabadlelani Abantu Basemzini? | Asikhulume
26:11