Ucwaningo lakwa- STATS SA, luveza ukuthi isifundazwe esihamba phambili ngenani labashadikazi iNorthern Cape. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangu 347.
Isifundazwe esilandelayo iFree State. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangama- 323, bese kuthi eWestern Cape kubantu abangama 100 000 kushade abangama- 300.
Uma sibuka iMpumalanga, isona sifundazwe esiphansi kakhulu ngokwezibalo zabashadikazi. iGuateng neWestern Cape ihamba phambili ngemishado ebhalisiwe
ngaphansi komthetho we- Civil Union. Bese iLimpopo ihambe phambili ngemishado ebhaliswe ngaphansi kwe- Customary marriages Act, kulandele iKZN, EC neMpumalanga.
Sifisa ukwazi kuwe ogane ngokwesintu ukuthi niwubhalisile yini umshado wenu? Kungaba ingokwe- Civil Marriages Act noma Customary Marriages Act? Sikhumbule ukuthi iCustomary marriages act iyasivuma isithembu, kepha iCivil Union ayisivumi.