Isikhathi sikakhisimusi isikhathi sothando nokubambisana kanye nenhlonipho. Imindeni iyahlangana ijabule. Ngeshwa, yize sifisa ukuthi kubuse lomuzwa, kepha, iqiniso lithi isakhona imindeni eminingi ehlwempu kuleiskhathi.
Eminye ayazi ukuthi izodlani, eminye ayinalo uphahla olusile noma oluphelele, ngakho-ke imindeni yabo ayinayo indawo yokuhlanganyela kuyo kulonyaka.
Yize kunjalo, kepha basakhona omsaMaria abanezinhliziyo ezinozwelo kulesikhathi. Sizokhuluma noSihle Xaba oyi- CEO ya- Makhaleni Construction.
Bakhele uGogo obehlala nezingane zakhe ezinhlanu kanye nabazukulu abayisithupha. uGogo usehamba nge- Wheel Chair, kanti umndeni uphila ngempesheni yakhe. Lomuzi omusha sha, ovulwe namhlanje ekuseni usuzohlala lomndeni wonke. Kuphinde kwaphuma izinsiza kwizinhlangano ezahlukene ezizimele.