Dankie 1223Dankie 1223

#DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA

View descriptionShare

Dankie 1223

Dankie 1223
648 clip(s)
Loading playlist

Ukukhala kwendoda akusizi, hai ngoba ukukhala kwethu kungeke kuzwakale kepha ngoba ukukhala kwethu kulahlekisa ithemba.

Ngivumeleni Dankie1223 ukubuyisa ithemba ngokukhala kwami ngoba kuzokwakha njengoba ukukhala kwamanye amadoda kulengosi sekungiphilisile kwangipha ithemba! 

Bafwethu, ngiyindoda ethandana neNkosazana yaseNazaretha, ngithi cishe iminyaka emihlanu manje. Emine yaleminyaka besingathintani nokuthintana, siqabulana kuphela. Kulonyaka osudlule sizithole sivumelana ukusoma. Kuhlezi kumnandi futhi iqiniso lithi besisoma ngoba nginethemba lokuthi uzogcina evumile ukungivulele isibaya sonomzana. Nebala akakaze. 

Kuhle lokhu futhi kuyancomeka, okungenza ngifune ukumthatha kakhulu kepha inkece ayikavumi. 

Pho ikuphi inkinga yami na? 

Eyi, eqinisweni ukunqaba kwakhe nesibaya Njalo kungenza ngizizwe ngitheneka amandla njengeNdoda. Okusho ukuthi Angikwazi ukuyenza iphelelwe Amandla lenkosazana. Kanti ngiyindonda enjani engakwazi ukuhlula umuntu wesifazane uma ngimuthintathinta? Abanye engilala nabo ngiyakwazi ukubahlula, kungani lona ehlula mina? Hai usengihlule unyaka wonke ogcwele. 

Ngeke ngiqambe amanga, lokho sekushaye ukuzethemba kwami ekamelweni, kwangenza ngalangazelela ukuzitshengisa ukuthi ngisayindoda ngokulala nabantu besifazane abaningi abavumayo kodwa hmm!

Akusizi ngoba ngifuna ukuhlula lo oyedwa bese eba ngowami kuphela kungunaphakade. 

iNdoda enjani engakwazi ukuhlula umuntu ongalwazi uju lwasezulwini? 
Angisazi Ngenzenjani, Mhlampe imina oWrong kwi- Acrimony? 
Obhalile, umfundi waseZululand ongeke Azidalule

  • Facebook
  • Twitter
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Dankie 1223

    648 clip(s)

Dankie 1223

Dankie 1223
Social links
Recent clips
Browse 662 clip(s)