Dankie 1223Dankie 1223

DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (16 MAY 2024)

View descriptionShare

Ukuzila sekuyinto ejwayelekile neyamkelekile uma kudlule umuntu emndenini. Omakoti balindeleke ukuthi bezile isikhathi eside uma kudlule emhlabeni umyeni
wabo.

Abanye bafaka inzilo emnyama noma eNavy cishe kuze kube izinyanga eziyisithupha.

Lokhu sekwenze abaningi bebe izisulwa zokugetshengwa abantu besilisa bebona ifa
abangalizuza uma bethandana nabafelokazi.

Kunezinsolo zabanye abantu besilisa abadlela abafelokazi imithi ukuze bezothamba bethandane nabo ngenhloso yokufinyelela kumafa.

Namhlanje sibuza wena mlaleli ukuthi umlindele umkakho ukuthi ekuzilele, uma ezokuzilela ufuna kube isikhathi esingakanani futhi ulindele ukuthi ezile
ndlelani?

Wena muntu wesifazane uzimisele ukuzilela umyeni wakho uma edlula emhlabeni? Uzimisele ukugqoka izingubo ezimnyama/navy?

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Dankie 1223

    673 clip(s)

Dankie 1223

Dankie 1223
Social links
Recent clips
Browse 687 clip(s)