Dankie 1223Dankie 1223

DANKIE1223 - INJOBO (22 JULY 2024)

View descriptionShare

Dankie1223! Ngiyanibingelela King Zim ezindlini zokusakaza angethembe impelasonto yenu ibimnandi.

Ngibhala le- email ukuncoma igalelo likaThisha wami owayengifundisa kumabanga aphansi ase-High School. Ngikhule nginoBaba kodwa ngingamazi ngoba
wabaleka, washiya umama ukuthi asikhulise nosisi wami omdala ongilamayo. Lokhu kusho ukuthi ngikhule kumuzi onabantu besifazane ababili kuyimina kuphela
umfana.

Umndeni kamama ubuhlala kude kunedolobha okusho ukuthi ukubona umalume bekuyimvela kancane.

Iqiniso lithi angikaze ngaluswela uthando ngoba umama wayesenzela konke akanamandla okusenzela kona. Ngiqale ukubona isikhala sikaBaba uma sengiqala
ukungena ebudodeni, sekuqala ibhesi, nentshebe isihluma senginamaphupho engingawaqondi futhi engizinyeza ngawo.

Ngabona lapho ukuthi kona bengimdinga umuntu wesilisa engisondelene naye
ukuthi angibonise.

Kuthe mangiqala eHigh School ngathanda ama-Athletics, ayeqeqeshwa uthisha owayesifundisa i-English, uthisha uMnumzane Thompson. uThompson
waba isibonelo esihle kakhulu kumina njengendoda esikhulile. Imiyalezo yakhe uma ekhuluma nathi eklasini ngokubaluleka kokuba abaMnumzane abaqotho
bakusasa, abazihloniphayo, kanye nabantu besifazane yayingihlaba umxhwele.

Wayesigqugquzela ukuthi sinake indlela esiziphatha ngayo emphakathini, singabi
imidlwembe noma sicwile kuphuzo oludakayo nezidakamizwa. Wayengenankinga nobumnandi kodwa ephakamisa ukuzinakekela nokuziphatha kahle uma
sisebumnandini.

Amazwi akhe ngangiwalalela ngoba ayesefana namazwi engangidinga ukuwezwa kubaba wami. Amazwi engangidinga ukuwezwa kumuntu wesilisa omdala
kunami. uMnu.Thompson wayengaseluleki eklasini kuphela, kodwa ngisho esiqeqesha ukugijima.

Wayesifundisa ukuthanda nokunakekela imizimba yethu, esikhumbuza ukuthi uthola umzimba owodwa impilo yakho yonke. Uma uqala usamncane ukuwunakekela kwakukuhle ukuze uzokhula uwuhlonipha ungawugqilazi. Eyi, leya ndoda yabumba
impilo yami ngenye indlela.

Uma sengiphothula uMatikuletsheni ngazi thola ngikhala ngosuku lami lokugcina eBoys, ngangizomkhumbula uMnu. Thompson nezimfundiso zakhe. Ngangimlalele
masonto wonke iminyaka emihlanu esidodisa. Wenza umsebenzi owahlula uBaba wami.

Angisoze ngamkhohlwa uThompson, singabangani kuFacebook, sengicosha kwi- khasi lakhe uma ebhala inkulumo eyakhayo. Ngisandokumthumela i-Inbox ngimubonga ngeqhaza akalibamba ekukhuleni kwami yena engazi.

Unyaka wami wokugcina lo- eNyuvesi ngizizwa ngikulungele ukubhekana nomhlaba njengendoda. Ngicela ukugqugquzela amadoda azithola eseduze nabafana abancane abangabazali ukuthi beziphathe kahle phambi kwabo, bebanike iziyalo ezifanele. Awazi ukuthi ungayishintsha kanjani impilo yabo.

Imina Ozithobayo uThabo Zulu

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Dankie 1223

    772 clip(s)

Dankie 1223

Dankie 1223
Social links
Recent clips
Browse 787 clip(s)