
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - ISilo uShaka kaSenzangakhona yaguqula ubukhosi obabubuncane baba nguMbuso kaZulu onamandla. Kodwa umlando wakhe kufanele uhlukanise iqiniso nenganekwane, futhi uvume kokubili ukwakha kwakhe isizwe nodlame lwezimpi zakhe #UkhoziFMWNB
27:07

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Namhlanje sikhuluma no-Nksz Simthembile Sibisi waseMsinga, ongumama wengane eneminyaka eyisikhombisa (7) ubudala okusolwa ukuthi yanukubezwa ngokocansi yilungu lomndeni elingumkhulu womntwana. Ngokokulandisa kwengane, umsolwa ungumfowabo kamkhulu ozala unina…okusho ukuthi umkhulu omncane #UkhoziFMWNB
24:45

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - IKhomishana kaMadlanga isiqede unyaka ilalela ubufakazi ngezinsolo zokungenelela kobugebengu, ezepolitiki nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa. Ubufakazi bakamuva sebubheke emaphoyiseni kamasipala waseGoli, emajele nasekutheni izikhungo zingahlanzwa kanjani #UkhoziFMWNB
21:20