
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Mamuhla ingxoxo yethu ibheka umlando wokuthi ezinye izingxenye zesonto zazibandakanyeka kanjani ekusekeleni ubukoloni nasekucindezelweni kwabantu abamnyama eNingizimu Afrika. Sihlukanisa phakathi komlando wesonto ngesikhathi sokufika kwama missionaries, izinhlelo zokuphoqa abantu ukuba bamukele amasiko aseNtshonalanga, kanye nendlela amasiko nezinkolelo zendabuko ezacindezelwa ngayo #UkhoziFMWNB
12:43

IZIHAMBELI (GUESTS) - Njengoba amazwe ase-Afrika egubha i-Africa Day, kubalulekile ukubheka ingcebo enkulu i-Afrika enayo — okubalwa kuyo ulwazi lwendabuko, amandla emvelo kanye nezinto ezahlukene zesintu ezingasiza kakhulu emithini yesimanje #UkhoziFMWNB
20:49

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla usuku olwaziwa ngeAfrica Day, ake sibheke umsuka walolusuku, ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumAfrika, umthelela walolusuku ezwenikazi lethu, kanye nendikimba (theme) yalo losuku kulonyaka. Sifuna ukugqamisa ukubaluleka kobumbano, umlando, kanye nesibopho sokwakha ikusasa le Afrika eliqhakazile #UkhoziFMWNB
08:51