
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Njengoba sisondela ekupheleni konyaka, kuvamise ukwanda ukwethulwa kwezimoto ezintsha emakethe. Lokhu kunikeza abathengi amathuba amaningi okukhetha, njengoba abakhiqizi beletha izinhlobo ezahlukene ezihambisana nezidingo, izifiso kanye nesabelomali sabo #UkhoziFMWNB
12:00

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Ngeviki eledlule sakhuluma nowesimame wakwa-Nongoma owagana emncane esafunda isikole ehamba Umhlanga egana umlisa ongumelaphi wendabuko wakhona naye endaweni yakwa-Nongoma owagcina emuhlukumeza. Namhlanje sithe asilubuyise loludaba ngenhloso yokuthi lo wesifazane akwazi ukuthola izaluleko zomthetho mayelana nokufaka isehlukaniso. #UkhoziFMWNB
21:32

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Inhlolovo yokhetho (political poll) ayisona isiprofetho, kodwa iyisithombe semibono yeqeqebana labantu ngesikhathi esithile. Ingaba wusizo, kodwa indlela izinombolozayo ezethulwa ngayo ingaphenduka ithuluzi lezepolitiki. #UkhoziFMWNB
19:51