#Vukamotoring no Sbo Myeni :Njengoba ukuntshontshwa kwezimoto kuqhubeka nokwanda, ingabe enye yezimbhangela yalesenzo ukudayiswa kwezimoto eziyi write off noma eziba yi write off kwizikhukhula?
VUKA AFRICA BREAKFAST SHOW
1,103 clip(s)
#Vukaqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo sezulu :Nothandiwe Gumede
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 1
#Ukhozifmvabs :UMnuz Vumani Shelembe oyilungu lomphakathi lase Nadi eGreytown eKZN usakhe ibhuloho lezinyawo emva kokubona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Unqume ukulakha yena lelibhuloho elimudle u-R50, 000 emva kokungaphumeleli kwezicelo abezifaka kumasipala wase Mvoti. Umeya wase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe uphikile ukuthi lendawo ingaphansi kamasipala wase Mvoti uma simbuza ngalesimo esibhekene nomphakathi.