Ezweni Sakhile: Sixoxa no Khawulani Bhengu wase Ntuthela eKranskop, owaba isisulu seSikebhe.
uMnuz Bhengu oneminyaka engu 40 uthi wahlaselwa iSikebhe endaweni yase Mbhongolwana walimala kanzima ngenxa yokusolakala
ngokudlwengula isalukazi sase ndaweni. Lesehlakalo senzeka ngo June kulonyaka kanti uthi leSikebhe saphinde sahlasela amalungu omndeni akhe.
Uthe usephila ngokwesaba emphakathini ngenxa yalesehlo nokwaholela ekutheni avule icala emaphoyiseni. ISikebhe sichazwa njengenhlangano engenzi nzuzo, elwa nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo ezindaweni ezehlukene eKZN.
Sizamile ukuthola uvo lwamaphoyisa kanye nomndeni osola uMnuz Bhengu ngokudlwengula kodwa abavumanga ukukhuluma nathi.
Uthini umbono wakho ngeSikebhe? Usuke waba isisulu seSikebhe noma nawe uyingxenye yaso?

#Ukhozi FM BREAKFAST SHOW - 07 APRIL 2026
11:46

#UkhozifmVabs :sixoxa no Rank Manager wase Mbumbulu taxi association
09:39

#Ezwenisakhile :UMZALI OXAKWE INGANE ENIMNYAKA EMITHATHU EYISIQHWAGA ECRECHE NASENDLINI. ISIZE YAGWAZA ILUNGA LOMNDENI INXEBANA.
17:31