Silandela imibiko yokuvinjwa kwabashayeli bezimoto ezincane ukuthi bagibeze abantu ezimotweni zabo.
Lomkhuba wenziwa ngabazibiza ngama taxi patrollers okukholakala ukuthi bangaphansi kwembhoni yamatekisi.
Kubikwa ukuthi esifundazweni sase North West kubekwe umthetho wokuthi abahamba ngezimoto ezincane akusafanele
bagibeze abantu abadlula kwababili ezimotweni zabo. Lokhu kuholele ekutheni umphakathi wakulesifundazwe ushise
amatekisi ngoba ukhala ngokuthi ngeke ulawulwe osomatekisi ngezimoto zabo. Abanye bakhala ngokuthi bahlawuliswa
imali noma kuthathwe izimoto zabo uma behambha nabantu ezimotweni zabo. Sekuboshwe oyedwa esifundazweni sase
Mpumalanga ngalomkhuba. Sixoxa no Sifiso Shangase oyi Provincial Office Manager eKZN.

#Ukhozi FM BREAKFAST SHOW - 07 APRIL 2026
11:46

#UkhozifmVabs :sixoxa no Rank Manager wase Mbumbulu taxi association
09:39

#Ezwenisakhile :UMZALI OXAKWE INGANE ENIMNYAKA EMITHATHU EYISIQHWAGA ECRECHE NASENDLINI. ISIZE YAGWAZA ILUNGA LOMNDENI INXEBANA.
17:31