#Ezwenisakhile :owesilisa ocela ukufuniswa izihlobo zalowo okade ethandana naye kodwa osedlulile emhlabeni. UMnuz Msawakhe Nene ongowase Mid-Illovo esigodini sase Mpekula eKZN uthi ubesethandane nalowesifazane oneminyaka engu 24 iminyaka emibili ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni izolo ekuseni. U- Msawakhe oneminyaka engu 39 uthi uzamile ukwazisa ubhuti kamufi ngalesehlo kepha akamtholi ocingweni nalapho ehlala khona. U-Msawakhe ubuye akhale ngokuthi njengoba engasebenzi akakwazi ukuyisa isidumbu emakhazeni ngoba kudingeka imali osekuholele ekutheni isidumbu sihlale kubo aze athole usizo.

#Ukhozi FM BREAKFAST SHOW - 07 APRIL 2026
11:46

#UkhozifmVabs :sixoxa no Rank Manager wase Mbumbulu taxi association
09:39

#Ezwenisakhile :UMZALI OXAKWE INGANE ENIMNYAKA EMITHATHU EYISIQHWAGA ECRECHE NASENDLINI. ISIZE YAGWAZA ILUNGA LOMNDENI INXEBANA.
17:31