Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

Abasiki Bebunda: Thobani Zikalala uhlaziya impi yamazwi phakathi kukaFikile Mbalula no Nathi Nhleko

View descriptionShare

Owabe engungqongqoshe wamaphoyisa u Mn Nathi Nhleko, ongomunye wongqongqoshe ababebhekene nodaba lokulungiswa kwezokuphepha emzini walowo owabe engumengameli wezwe u Mn Jacob Zuma, usegxeke unobhala-jikelele we ANC u Fikile Mbalula wamchaza njengonobhala-jikelele ohlulekayo ukwenza umsebenzi wakhe kuleminyaka eyikhulu neshumi nambili womlando wenhlangano. Lokhu kulandela ukuphawula okwenziwe uMbalula ngempelasonto esifundazweni iMpumalanga njengoba i ANC ilungiselela umgubho wayo wekhulu neshumi nambili, lapho eveze khona ukuthi benza konke okusemandleni ukuvikela uMn Zuma baze bachaza idamu lokubhukuda njengedamu elisetshenziswa uma kunomlilo. 

  • Facebook
  • Twitter
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Ukhozi FM Current Affairs

Social links
Recent clips
Browse 39 clip(s)