Ikhomishana ebhekelele abathengi, i-National Consumer Commission (NCC) ithi abakwa Nestlé sebethathe isinqumo sokuthi ubisi lwezingane lwempuphu lwehlobo i-Nan Special Pro HA 800g lubuyiselwe ezitolo.
Lokhu kungenxa yokusolakala ukuthi lunobuthi obungase bugulise izingane uma beluphuzile.
Lolubisi lukhiqizwa ngo June nyakenye futhi lusatshalaliswa eNingizimu Afrika yonke, Eswatini naseNamibia (batch number 51660742F3).
uPheto Ntaba okhulumela iNCC uchaza kabanzi ngaloludaba.