Amalungu omphakathi aseBhambayi eNanda enyakatho yeTheku athi asephila ngokwesaba njengoba izigebengu zibangenela emizini yabo zibabambe inkunzi.
Lokhu kuza ngemva kwesigameko sokudutshulwa kwabantu bomphakathi abathathu abaqapha ubugebengu kulomphakathi bashona, okusolakala ukuba badutshulwe zigebengu ebezibamba inkunzi kulendawo.
Labaqaphi kuthiwa bebezama ukuthungatha izigebengu okuthiwa zingenela abantu emzini yabo zibabambe inkunzi, ngesikhathi bedutshulwa ngoLwesihlanu.
Omunye walabagilwa ushonele endaweni yesigameko, kwathi abanye ababili bashonela esibhedlela.
Sixoxisane no Mbalenhle Mkhize oyilungu le CPF Youth Desk eNanda nonxuse iziphathimandla ukuba zingenelele ngokushesha.

EZANGEMPELASONT: PROCUREMENT EXPERT RAISES CONCERNS OVER PROPOSED DRAFT PUBLIC PROCUREMENT REGULATIONS
13:42

EZANGEMPELASONTO: ANTI-ILLEGAL IMMIGRANT PROTEST LEADER PHAKELUMTHAKATHI SAYS PROTESTS TO CONTINUE DESPITE CRITICISM
39:44

EZANAMUHLA: UKZN LABOUR LAW EXPERT ON WORKERS' ISSUES THIS MAY DAY.
30:34